Bamukeleni abantu bokufika, ningesabi ukulahlekelwa yimisebenzi - Ramaphosa

2018-03-22 16:00

Kigali - UMengameli Cyril Ramaphosa usenxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuba bemukele baphinde basingathe abantu bokufika njengoba izwe lisezinhlelweni zokuthi wonke umuntu aphume aphinde angene ngokukhululeka emazweni ase-Afrika.

Uthi lokhu kuzokwenziwa ngenhloso yokugqugquzela uhwebo kanye nokutshalwa kwezimali ngemuva kokusayindwa kwesivumelwano engqungqutheleni ye-African Union ebanjelwe eKigali, eRwanda.

INingizimu Afrika kanye namanye amazwe angu-43 ngoLwesithathu asayinde isivumelwano sokusungula i-African Continental Free Trade Area (AfCFTA), ezoba ngenkulukazi yalolu hlobo emhlabeni ngemuva kweminyaka engu-40 yezingxoxo.

URamaphosa usevele uyalele uNgqongqoshe wezokuXhumana kwamaZwe uLindiwe Sisulu ukuba asebenzisane nomlingani wakhe waseRwanda ukuba ihoxiswe eyama-visa kubantu baseRwanda abafisa ukuvakashela eNingizimu Afrika.

OLUNYE UDABA: I-ANC iphezu komkhankaso wokuwina izinhliziyo zabantu - Ramaphosa

Ekhuluma ngemuva kokulifulathela leliya lizwe, uRamaphosa uthe lokhu akusho ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bazolahlekelwa yimisebenzi ithathwe ngabokufika.

Uthe abokufika batheleka kuleli ngezizathu ezehlukene; okubalwa ukufunda, ezamabhizinisi, ukuhweba kanye nokuvakasha.

"Lesi sivumelwano sisho ukuthi abantu bakwamanye amazwe bavumelekile ukuzokwenza ibhizinisi neNingizimu Afrika. Kumele sikwamukele lokho, ngoba uma beza lapha, bazofika nemali. Bazoza nama-dollar abazowatshala kuleli. Abanye bafika ngenhloso yokuzofunda," kusho uRamaphosa.

"Ukutheleka kwabantu kuleli akusho ukuthi bazothatha imisebenzi yenu njengoba nathi sibathumela abantu eRwanda ukuba bayofunda, bahwebe noma bangene kwezamabhizinisi."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.