'Bangakhuluma bagcine la bethanda khona, anginandaba'

2016-12-20 16:00

Durban - USiya Kolisi odlalela iqembu lesizwe amaSpringbok usephenduke undabamlonyeni ngemuva kokuthatha intokazi yomlungu uRachel, kubika iSowetan.

Lokhu akwehlanga kahle kubanye abantu abaze bathathela ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukudinwa kwabo ngalo mshado.

Babodwa abakhala ngokuthi uRachel usehlisile isithunzi sabelungu ngokugana le nsizwa emaningi kangaka amageza abelungu abemfanele.

UHannes Lottering ongomunye walabo abagxeka lezi zithandani wafaka isithombe sabo kuFacebook wathi uyafisa ukuthi lokhu kungenzeki emndenini wakhe ngoba ngeke azi ukuthi enzenjani uma kungenzeka.

OLUNYE UDABA:Ukucwasa kubambezela impi yengculazi eChina

NgoMsombuluko uKolisi utshele abe-TMG Digital ukuthi akazinaki izinkulumo ezifana nalezi.

“Lokhu akwenzi mehluko empilweni yami ngaphandle kokungichithela isikhathi,” kusho yena.

Umkakhe uRachel yena wathi yize engeke athule ehlukunyezwa ngokuthandana nomuntu webala elingafani nelakhe, usebone kungcono angabi mningi ezinkundleni zokuxhumana ngoba uthola ukuhlukumezeka.

On our way to the Cape Town sevens 7s!! Never a dull moment with the family ??????????????????? @rachel_kolisi #family#love

A photo posted by Siya Kolisi (@siya_kolisi_the_bear) on

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.