Bangaphezu kuka-100 000 abashayeli asebehlolelwe utshwala

2017-12-31 08:39

Johannesburg – Amaphoyisa kulezi zinsuku zamaholidi agxile kakhulu kulabo abashayela bephuze utshwala, kanti sekuhlolwe abashayeli abangaphezu kuka-100 000 kuze kube manje.

Okhulumela iRoad Traffic Management Corporation, uSimon Zwane, uthi zingaphezu kuka-924 000 izimoto esezimiswe zahlolwa kwizivimbagwaqo ezahlukene ezweni lonke.

"Bangaphezu kuka-105 000 abashayeli asebehlolelwe utshwala emigwaqeni kanti bangu-2 247 ababoshiwe ngokutholakala kwezinga lotshwala eleqile kwelivumelekile egazini.”

OLUNYE UDABA: Umehlokaboni ngokubulawa kwephoyisa

UZwane uthe iningi labashayeli liboshwe eGauteng, kulandele iLimpopo, Mpumalanga neWestern Cape.

UZwane uthe bangu-46 029 abashayeli ababanjwe begijima ngesivinini esiphezulu kwesivumelekile, bangu-15 538 ababanjwe beshayela ngaphandle kwezincwadi zokushayela, bangu-14 174 ababanjwe behamba ngezimoto ezingatheleliwe, bangu-13 554 ababanjwe bengawafasile amabhande, kanti bangu-5 388 ababanjwe behamba ngezimoto ezilayishe impahla ngokweqile.

UZwane uthe bathathu abashayeli bamatekisi ababoshelwe ukuzama ukugwazela amaphoyisa omgwaqo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.