Bangaphezu kwesigidi abantu abasayine benxusa uZuma ukuthi ashenxe

2017-08-02 16:01

Cape Town – Umholi weDemocratic Alliance (DA), uMmusi Maimane, usedlulisele izicelo ezisayinwe (petition) abantu abangaphezu kuka-1 million ehhovisi likaSekela Mengameli uCyril Ramaphosa, benxusa ukuthi uMengameli Jacob Zuma ehle esikhundleni.

UMaimane, uSotswebhu omkhulu weDA, uJohn Steenhuisen, kanye nokhulumela leli qembu, uPhumzile van Damme, bahambe besuka emahhovisi abo ePhalamende bebheke ehhovisi likaRamaphosa ngoLwesithathu ekuseni.

Leli qembu kanye nabalandeli balo bafike bephethe inqwaba yamakhalibhothi abegcwele amaphepha iDA ethi asayiniwe abantu baseNingizimu Afrika abebenxusa amaLungu ePhalamende ukuba eseke isiphakamiso sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma ngomhlaka-8 ku-Agasti.

OLUNYE UDABA:Nakhu okuzokwenzeka uma liphumelela ivoti lokungamethembi uZuma ePhalamende

“UCyril Ramaphosa unethuba lokuthi athathe isinyathelo. Ngikhuluma egameni labantu baseNingizimu Afrika abalapha namhlanje,” uMaimane usho kanjalo ngaphandle kwesango.

“Lesi yisigidi sabantu baseNingizimu Afrika abathi sekwanele,” kuqhuba uMaimane, egcizelela ngokuthi umyalezo ucace bha.

“Sithi, Cyril Ramaphosa, enza into efanele. Hola ikhokhasi yakho, bese uyaqinisekisa [ukuthi] esiphakamisweni sokungamethembi [uMengameli Zuma] bavotela ushintsho.”

Bangaphezu kuka-500 000 abantu abasayine online, kanti abanye basayine emagatsheni ahlukene eDA.

UMaimane ugxeke i-ANC ngokuthi “ihlukumeza” labo asebephumele obala bathi bafuna ukuvota ngonembeza babo.

“Isikhathi manje sokuthi sibuze ukuthi sibeka iNingizimu Afrika phambili noma sibeka uJacob Zuma phambili?”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.