Bangase bashushiswe abasondelene noGrace Mugabe

2017-11-20 07:02

Harare – Amalungu eqembu elibusayo eZimbabwe athi kungase kube khona amalungu eqembu asohlangothini leqeqebane likankosikazi kaMengameli Robert Mugabe, ashushiswayo.

Isikhulu u-Emmanuel Fundira uphinde wathi kungukufezeka kwezifiso ukuthi lowo osanda kuxoshwa njengesekela likamengameli u-Emmerson Mnangagwa aphinde aqokwe ukuba ahole iZimbabwe njengoba kulindeleke ukuthi uMugabe ashenxe esikhundleni.

Ikomidi eliphezulu kuZanu-PF libambe umhlangano ophuthumayo wokufaka uMugabe amasondo njengomholi waleli qembu.

OLUNYE UDABA: 'Uma eba nenkani uMugabe, koshaya iSonto sesimxoshile' -Zanu-PF

UFundira uthe abaholi “ababolile nabakhohlakele” eqenjini kumele bajeze.

"Kunezinsiza eziphucwe izwe ngokungemthetho okumele zibuye. Umthetho uzokulandelela konke lokho kuqinisekiswe ukuthi kukhona abantu abaphendulayo ngalokhu.”

Bekunemibiko eminingi ngeSonto ntambama eqinisekisa ukuthi uMugabe uvumile ukwehla esikhundleni. Nokho uthe esethula inkulumo ebhekiswe esizweni ngeSonto ebusuku, wangayithi vu eyokwesula kwakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.