Bangenele isiteleka odokotela bekhala ngamaholo

2017-02-16 11:04

Harare – Odolokotela ezibhedlela zikahulumeni eZimbabwe bangenele isiteleka bekhala ngamaholo amancane nangezimo ezingezinhle abasebenza ngaphansi kwazo, kusho umholi wenyunyana ngoLwesithathu.

"Odokotela abazange balubhade emsebenzini,” kusho u-Edgar Munatsi, ongumengameli weZimbabwe Hospital Doctors Association (ZHDA).

Kuvele ukuthi iningi lodokotela eParirenyatwa Hospital, okungesinye sezibhedlela ezinkulu kuleliya lizwe, abazange baye emsebenzini kanti nabanye bakwezinye izibhedlela besalinde izwi elizophuma kubaholi benyunyana ebebebambe imihlangano ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Oweqembu elibusayo wenza uGrade 3 manje esikoleni

Abaholi benyunyana bathe izingxoxo zifinyelele kwangqingetshe ngemuva kwamahora angu-24.

UNgqongqoshe wezeMpilo, uDavid Parirenyatwa, ecashunwe ngabezindaba ethi iKhabhinethi livimile ukulungisa ezinye zezinkinga abakhala ngazo odokotela.

Yize kunjalo uMunatsi uthi uhulumeni wehlulekile ukulungisa noma ukubhekisisa izinto abakhala ngazo. Wathi isitelaka sizoqhubeka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.