Bangeniswe esibhedlela abafundi 'abadle ukudla okunobuthi ephathini'

2017-10-27 18:00

Mbizana – Izingane ezingu-200 zasesikoleni iMlindeazwe junior secondary eBizana e-Eastern Cape, kukholakala ukuthi zidle ukudla okunobuthi, iningi lazo zichithe ubusuku esibhedlela.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uSizwe Kupelo, uqinisekise ukuthi bangu-162 abafundi abachithe ubusuku esibhedlela iSt Patricks eBizana beyohlolwa.

UKupelo uthe bonke abafundi abenza uGrade 9, bebeye ephathini yokuvala unyaka ngomhlaka-25 Okthoba.

Uthe la bafundi baqale bakhala ngezinhlungu esiswini, ikhanda, abanye bebuyisa ngaphezulu nangezansi, base bephuthunyiswa esibhedlela ngoLwesine.

OLUNYE UDABA:Abafundi abangu-50 belashelwe ukudla amakhekhe 'anobuthi'

UKupelo uthe abafundi bagcinwe esibhedlela ubusuku bonke kanti bekulindeleke ukuba babonane nodokotela namuhla.

Uthe abafundi abathathu; okungamantombazane amabili nomfana oyedwa, bangeniswe esibhedlela besesimeni esibucayi.

UKupelo uthe njengoba uMnyango wezeMpilo ubuvakashele isikole ngoLwesine, awukwazanga ukuthola amasampula okudla okudliwe abafundi ukuze kuzohlolwa.

UKupelo uthe kwesinye isigameko esihlukile, eManzana village ngaphandle kwaseQumbu, zingu-60 izakhamuzi ezinesifo sohudo, ezibuyisayo futhi ezikhala ngezisu ezibuhlungu kulandela ukudla inkomo ebihlatshiwe endaweni ngemuva kokuba izale ithole selifile.

Uthe izakhamuzi ezingu-17 kulezi ziphuthunyiswe esibhedlela iDr Malizo Mpehle.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.