Cape Town - Abantu ababili babangwa nezibi esibhedlela kulandela ukuthi bethungelwe ngomlilo esigamekweni okusolwa kuso umphakathi, eGeorge.
Amaphoyisa athi kukholakala ukuthi amadoda amathathu abhunyelwe ngophethiloli ase okhelwa ngomlilo ngoba esolwa ngokweba i-laptop.
Amabili kuwo ashe kabi, kanti le enye ikwazile ukuphunyula icele empunzini.
OLUNYE UDABA: Uzogqunywa esitokisini owayengumculi ngelokweba
Okhulumela amaphoyisa uMalcolm Pojie uthe baphenya ngamacala okuzama ukubulala.
"Siphenya amacala okuzama ukubulala kulandela isigameko sasekuseni okuhlaselwe kuso amadoda amathathu.
"Amabili asesibhedlela kanti enye ikwazile ukweqa."