Bangu-13 abazoxoshwa ngolwabesimame abewotawotana neziboshwa

2017-06-27 07:00

Johannesburg – Zibalelwa ku-13 iziphathimandla zasejele ezingahle zixoshwe kulandela isigigaba sama-stripper abebedansela iziboshwa ejele laseGoli, kubika iThe Star.

Lokhu kuvezwe aboMnyango wezamaJele ngesikhathi bebambe isithangami sabezindaba ngemuva kokuputshuka kwezithombe zalaba besimame.

Lezi zithombe zivele okokuqala ephephandabeni iDaily Sun kanti iziphathimandla zalo zikuqinisekisile ukuthi lezi zithombe ezangempela.

Isithombe sokuqala sibonisa abesimame abathathu begqoke amabhuzu nokwangaphansi behlanganyele isiboshwa esisodwa besibamba.

OLUNYE UDABA:Usesitokisini usaziwayo ngezinsolo zokugwaza umakhelwane

Isithombe sesibili sibonisa isiboshwa nowesimame oyedwa bebambene kanti ojele nezinye iziboshwa zihleli zibuka konke okwenzekayo.

Oyibamba likaKhomishana walo Mnyango uJames Smalberger usigxeke kabi lesi sehlakalo futhi waxolisa nakuzo zonke izakhamuzi zakuleli ngalokhu okwenzekile.

"Umbiko wokuqala esiwutholile mayelana nalolu daba uthi lezi zithombe zithathwe emcimbini wokugubha inyanga yabantu abasha ngomhlaka-21 kuJuni eJohannesburg Medium B Correctional Centre.

"Abaphathi balo mcimbi bekungamele bakuvumele lokhu futhi bekumele bakuvale zisuka, izinto ezifana nalezi azivumelekile," kusho uSmalberger. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.