Johannesburg - Bangu-16 abantu abalimele engozini yetekisi neveni eyenzeke kumgwaqo uChristiaan De Wet Road, eGoli.
Ngokwesitatimende esikhishwe abe-ER24 abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo itekisi ibhajwe eceleni.
OLUNYE UDABA:Kube ngenyantisa igazi itekisi liphalaza abagibeli liginqika ku-N4
URussel Meiring okhulumela abe-ER24 uthe iveni belimi phakathi komgwaqo. Abagibeli abambalwa abebesetekisini batholakale beyaluza emgwaqeni.
“Kunamadoda amabili abevaleleke phambili eteksini. Kusetshenziswe udlalu ukulula leli tekisi ukuze kukhishwe laba bantu.”
Abanye abagibeli abangu-14 nabo bahlengwe kule ndawo ngoba belimele, kubika iCitizen.
Okwamanje akukaqondakali ukuthi yini imbangela yale ngozi kodwa amaphoyisa asazophenya.