Bangu-26 ababulawe yindlala ezinsukwini ezimbili ezedlule

2017-03-21 10:30

Mogadishu - Balinganiselwa ku-26 abantu asebashonile ngenxa yendlala ngezinsuku ezimbili endaweni yaseJubbaland eningizimu nezwe laseSomalwa.

Lokhu kuvezwe wuhulumeni wakuleli ohlelweni lwemisakazo yawo kanye newebhusayithi kahulumeni, kubika i-eNCA.

Leli lizwe laseSomalia lixinwe wububha ngenxa yesomiso esesibulale imfuyo kwancipha nezitshalo nokuyinto eshiye abantu abalinganiselwa ku-6.2 million bengenakho ukudla.

OLUNYE UDABA:Uthi ubesekhathele ububha ozibulale nezingane zakhe

IPhini likaNgqongqoshe wezasekhaya esifundeni saseJubbaland uMohamed Hussein okunguyena oveze lo mbiko uthe ngesikhathi esingamahora angu-36 kushone inqaba yabantu ezindaweni ezahlukahlukene phakathi kweJubba nendawo yaseGedo.

"Abantu abahlala kulezi zindawo badinga usizo oluphuthumayo,”kusho uHussein.

Amadolobha amaningi asenkingeni yilawo alawaulwa ngamasosha e-al Shabaab okuyiwona aqala udlame olubhekiswe kuhulumeni esifundazweni saseMogadishu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.