Bangu-6 abagaqele isikhundla samengameli Zuma – Mantashe

2016-11-11 14:32

Johannesburg – Sekuvele ukuthi amalungu angu-6 e-ANC agaqele isikhundla saMengameli Jacob Zuma, sokuba nguMengameli weqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC) ngonyaka ozayo njengoba leli qembu ngempelasonto lizoqala uhlelo lokukhetha umengameli walo omusha, kusho uNobhala Jikelele we-ANC, uGwede Mantashe, 61.

“Bangu-6 abantu asebephakamise isandla sabo ngokuthi bafuna ukuba umengameli” weqembu, lokhu kushiwo nguMantashe ngenkathi enengxoxo neBloomberg emahhovisi aseJohannesburg.

“Esivumelene ngakho ukuthi kumele kube nenkulumompikiswano ngokuvulelekile,” kusho uMantashe.

Njengoba leli qembu elineminyaka engu-104 ubudala lenze kabi kunazo zonke izinketho emlandweni walo ngesikhathi sokhetho lohulumeni basekhaya obelungo-Agasti, umholi omusha kuzomele afinyelele kwizigidi zabalandeli be-ANC abakhetha ukungavoti ngokhetho olwedlule.

OLUNYE UDABA: I-ANC iqhekeke lokhu okokugcina manje - Buthelezi

Kusukela kwaphela ubundlululo ngo-1994, i-ANC ibilokhu izidlela amahlanga kuzo zonke izinketho.

USekela Mengameli, uCyril Ramaphosa, 63, kanye noSihlalo we-African Union Commission (AU), uNkosazana Dlamini-Zuma, 67, babonakala njengabahamba phambili ekuthatheni lesi sikhundla saZuma.

Nokho uMantashe akazange awadalule amagama abangase bathathe lesi sikhundla sobuMengameli, kodwa abanye abangase bangenele umbango uMgcinimafa Jikelele we-ANC, uZweli Mkhize, 60, kanye noSomlomo wePhalamende nonguSihlalo we-ANC, uBaleka Mbete, 67.

Kodwa-ke uMantashe uthi uZuma, 74, akayona ingxenye yalaba abangu-6, futhi akalindelekile ukuthi afune ukubuye akhethwe okwesithathu. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.