Bangu-8 osekuqinisekiswe ukuthi bashonile - UNgqongqoshe

2017-10-11 12:31

Durban – Lowo oyibamba likaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal uWeziwe Thusi ukhulume esithangamini sabezindaba eThekwini waveza ukuthi bangu-8 abantu okuqinisekiswe ukuthi bashonile ngesikhathi kunesiphepho.

Uthe nokho baningi abanye abantu okubikwe ukuthi badukile.

“Kulaba abashonile kubalwa ababili abashone eNquthu; okuyingane eneminyaka engu-8 ubudala eshaywe wumbani kanye nendoda eneminyaka engu-46 ubudala eshone ngemuva kokumuka iwela umfula,” kusho uThusi.

Uthe abanye abashonile, kubalwa ingane eshone ngemuva kokuwelwa wudonga esikoleni esiKwaMakhutha, iphoyisa elishone emtateni eThekwini, umuntu oshone imoto yakhe ibhajwe emgwaqeni, isisebenzi sikamasipala esiwelwe yithoyilethi kanye nababili abashone esibhedlela iPrince Mshiyeni.

OLUNYE UDABA: Izikhulu zikahulumeni zizoqala ukuhlola umonakalo odalwe yisiphepho e-KZN

Uthi imiphakathi esale dengwane ikhoseliswe emahholo omphakathi kanye nakwezinye izakhiwo.

Ubalule nomonakalo omkhulu owenzekile ezibhedlela zaseThekwini wathi bayazama ukwelula isandla basize labo abadinga usizo.

Uthe abaqedile ukuhambela izindawo ezikhahlamezekile njengoba nasogwini oluseningizimu yesifundazwe kubikwe umonakalo omkhulu.

“UNdunankulu wesifundazwe uWillies Mchunu uzohambela imindeni elahlekelwe yizihlobo ngoLwesine,” esho.

Kube sekubongwa amathimba ezinhlekelele ngokusebenza ngokuzinikela nangokuzikhandla, kanjalo nezinhlangano ezizimele ngokubambisana nohulumeni kulesi sikhathi esinzima.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.