Banikezwe ama-ARV abafundi abajovwe ngemijovo esikoleni

2017-09-20 14:01

Johannesburg - Kulashwe abafundi abangu-28  besikole iMooifontein Primary kulandela ukuhlathswa ngemijovo ngabanye abafundi esikoleni ngoLwesihlanu.

UMnyango wezeMfundo eGauteng uqinisekise ukuthi umfundi owenza uGrade 4 wafika nemijovo esikoleni, maqede yena nabangani bakhe ababili bajova ngayo abanye abafundi, kubika iKempton Express.

Okhulumela uMnyango uSteve Mabona, uthe ngokusho komndeni walo mfundi, wayephethe isikhwama sikadadewabo, wabona ngemuva kwesikhathi esesekilasini ukuthi kunezinaliti phakathi esikhwameni.

OLUNYE UDABA:Owesimame umelwe yinhliziyo washona ngemuva kokuthola umjovo wezinhlungu

"Isikole sibe sesibikela abazali babafundi abangu-28 abajovwe ngale mijovo bebatshela ukuthi kumele baphuthumise izingane zabo kodokotela ziyohlolwa," kusho uMabona esitatimendeni ngoLwesithathu ekuseni.

La bafundi bathola imishanguzo yokuthithibalisa i-HIV, ama-ARVs kanjalo ne-Post-exposure prophylaxis (PEP) ngenhloso yokuqinisekisa ukuphepha kwabo.

Ngeshwa, le mishanguzo yabaphalazisa abanye abafundi kwathi abanye bakhishwa izisu. Ngokusho kukaMabona, izinaliti ngezelungu lomndeni walo mfundi owafika nazo esikoleni.

"Singakuqinisekisa nokuthi lezi zinaliti zithunyelelwe e-laboratory ukuze ziyohlolwa."

Bonke abafundi abathintekayo bazokwelulekwa ngokomqondo.

Umnikazi wemijovo uvulelwe icala esiteshini samaphoyisa.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.