Banikezwe ithuba lokufaka isikhalazo kwelokufaka umuntu ebhokisini lomngcwabo

2018-02-07 10:59

Johannesburg - UWillem Oosthuizen noTheo Jackson banikezwe ithuba lokuba bafake izikhalazo ngezigwebo zabo kulandela ukuthi balahlwa yicala base beyagwetshwa.

Laba bobabili bafaka ngenkani uVictor Mlotshwa ebhokisini lomngcwabo ephila bamusabisa ngokulokhela ngomlilo.

U-Oosthuizen wagwetshwa iminyaka engu-11 ebhadla ejele kanti uJackson yena wagwetshwa engu-14.

OLUNYE UDABA:'Ngiyehluleka ukubaxolela' - kusho umama kaVictor Mlotshwa

Ngonyaka odlule inkantolo enkulu eyayihlezi eNkantolo yeMantshi yaseMiddelburg yalahla laba bobabili ngenqwaba yamacala, okubalwa kuwo nelokuzama ukubulala.

Ngemuva kwesikhashana begwetshiwe, la madoda acela iNkantolo iNkulu yokuDluliswa kwamaCala ukuba anikezwe ithuba lokufaka izikhalo ngezigwebo zawo.

Abamangalelwa baphoqa uMlotshwa ukuba angene ebhokisini lomngcwabo bamsabisa nangokumbhunyela ngophethiloli.

Lesi sigameko saqoshwa ngomakhalekhukhwini, i-video yase iyasabalala ezinkundleni zokuxhumana, kwaqubuka umsindo abantu benxenxa ukuthi abenzi bokubi kumele babhekane nengalo yomthetho.

 - eNCA 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.