Baningi ababulawa kulwa abe-IFP ne-NFP ehostela lase-17 eMlazi

2017-08-17 18:00

Durban – Inzondo nokungazwani phakathi kwamalungu e-IFP kanye ne-FND kwaqala ehostela lase-17 eMlazi ngo-2012, lokhu kuvele kwikhomishana kaMoerane ephenya ngezigameko zaseGlebelands.

USizwe Shadrack Gwala utshele le khomishana ukuthi maningi amacala okubulalana ancike kwezepolitiki kulesi sifundazwe, kanti umfowabo uMthunzi Innocent Gwala ungomunye wabaningi ababulawa kuleli hostela ngalowo nyaka.

“Kwaba nokungaboni ngasolinye ngokusungulwa kwenye inhlangano, kwabulawa abantu. Yize nginganaso isibalo esiqondile, kodwa baningi abantu ababulawa," esho.

UGwala uthi umfowabo wabulawa ngenxa yokuthi wayesejoyine i-NFP ngesikhathi ikhankasa ehostela ngo-2012.

OLUNYE UDABA:Sekudutshulwe abanye abantu abathathu ehostela lodumo eKZN

UMthunzi wabuwala ngoJulayi 2012 kanti kusolakala ukuthi wabulawa ngamalungu e-IFP.

NgoLwesine ekuseni, le khomishana izwe ukuthi uMthunzi wabulawa ngemuva kwengxabano yezepolitiki besejoyintini esigcemeni sakwa-T eMlazi.

“Ngesikhathi sifika ejoyintini ngemuva kwesigameko, ilungu le-IFP lathi aliphuzi namalungu e-NFP. Umfowethu wayegqoke isikibha se-NFP ngalolo suku,” kuqhubeka uGwala.

Le khomishana iholwa ngu-Advocate Marumo Moerane, eThekwini. Yasungulwa nguNdunankulu waKwaZulu-Natal uWillies Mchunu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.