Baningi abagibeli abazophazamiseka ngesiteleka samatekisi ngoLwesihlanu

2017-10-26 07:12

Mbombela – Kuzophazamiseka izinkulungwane zabagibeli bamateksini njengoba kuhlelwe isiteleka esikhulu esifundazweni saseMpumalanga ngoLwesihlanu.

Inhlangano yamatekisi iSantaco kulesi sifundazwe iveze ukuthi izoshiya phansi ukusebenza ngoLwesihlanu ekuseni ihambise uhlu lwezikhalazo ebuholini bukahulumeni kulesi sifundazwe.

Kuzophazamiseka kakhulu amarenki asedolobheni laseMbombela kanye nezindawo ezisondelene naleli dolobha.

OLUNYE UDABA:VIDEO: Ubumaye maye kubagibeli kuhubhana amatekisi

Okhulumela inhlangano yamatekisi kulesi sifundazwe uMohamed Matola uthe: “Kubuhlungu nakithi ukuthi sithathe isinqumo esifana nalesi ngalesi sikhathi sonyaka lapho kukhona nabafundi bakamatikuletsheni asebaqalile ukubhala izivivinyo zabo, kodwa asinakho ukuzikhethela ngaphandle kwalokhu.”

Le nhlangano iveze ukuthi bazomashela emahhovisi kaNdunankulu wesifundazwe lapho bazohambisa khona uhlu lwezikhalazo zabo.

Ezinye izinto abakhala ngazo abanikazi bamatekisi, kubalwa uhlelo lokukhishwa kwamathenda ezinsiza zokuthutha abantwana besikole nokuthiwa anikezwa abantu abangahlali kulesi sifundazwe.

Ngale kwalokho, bafuna imvume yokusebenzela ezindaweni lapho kunemizila esetshenzwa ngabathuthi abazimele.

Lesi siteleka sizoqala ekuseni, kanti osomatekisi bazosukela erenki yaseMbombela belibangise emahhovisi kahulumeni, kubika iMpumalanga News.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.