Baningi abaseKZN abanamakheli angahlelekile - IEC

2018-03-06 09:30

Durban – Isifundazwe sakwaZulu-Natal yisona esinesibalo esikhulu kakhulu samakheli angahlelekile, lokhu kuvezwe abeKhomishana eyengamele ezokuvota i-IEC ngoMsombuluko.

Kuthiwa kunamakheli angu-1.4 million angaphelele abantu abangu-5.3 ababhalisele ukuvota kulesi sifundazwe, kanti abangu-291 005 bakwidolobhakazi iTheku.

Leli dolobha lilandelwa umasipala wesifunda saseMgungundlovu ngamakheli angu-41 000 angagcwalisiwe ngokuphelele.

Lo mkhankaso wokugqugquzela ukubhaliswa kwamakhele kulandela isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo ngo-2016 lapho kwanqunywa ukuthi abe-IEC kumele bathole imininingwano ephelele yamakheli yakabo abazovota kungakapheli uJuni wakulo nyaka.

UMawethu Mosery oyi-Provincial Electoral Officer (PEO) utshele izintatheli emahhovisi akwa-IEC eWestville ukuthi sekuzovulwa ukubhaliswa kwalabo abazovota ngonyaka ka-2019.

OLUNYE UDABA:Kushone 2 wezingane zisha nomuzi eLimpopo

"Sizovula iziteshi ezingu- 4 793 zokuvota kulesi sifundazwe ngale mpelasonto esiya kuyo phakathi kuka-08:00 kuya ku-17:00,"kusho yena.

UMosery uthi i-IEC kulesi sifundazwe isebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi amakheli abavoti abhaliswa ngokuphelele njengoba balungiselela ukhetho lukazwelonke.

Uthi ngokuzayo bazosebenzisa uhlelo lwe-geocode ngekhaya ngalinye ezweni lonkana, kodwa okwamanje banxusa bonke abazovota ukuba bavakashele iziteshi eziseduze nabo zokuvota ukuze balungisi imininingwane yabo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.