Banovalo lokuxega kowamanqamu

2017-06-22 14:09

Durban - Seyithembele kodokotela iSuperSport United ngomdlali wayo omqoka emdinga ukufa emdlalweni ne-Orlando Pirates wamanqamu weNedbank Cup ozokuba ngoMgqibelo ngo-20h15 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UKaitano Tembo oyisekela likaStuart Baxter ongumqeqeshi weSuperSport oshiyayo emuva kwalo mdlalo, utshele ILANGA ukuthi babambe umoya ngesimo sika-Onismor Bhasera olimale le kilabhu icazelana amaphuzu ne-TP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) kuba ngu-0-0 kowamaqoqo we-Caf Confederations Cup ngoLwesibili ebusuku, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

OLUNYE UDABA:Naba abadlali abahola kakhulu kunabo bonke kuPSL

"Silindele ukuthi odokotela bekilabhu basicacisele ngesimo sikaBhasera kusasa (ngoLwesihlanu) ngaphambi kokubamba indiza ebheke eThekwini. Simdinga kakhulu uBhasera kulo mdlalo kwazise noMichael Joseph Boxall waseNew Zealand akekho njengoba emele izwe lakhe kwiFifa Confederations Cup (eqhubeka eRussia)," kusho uTembo.

URonwen Williams, ongunozinti weSuperSport, uzwakalise ukuthi ufuna ukusebenzisa lo mdlalo ukukhombisa uBaxter ukuthi angamkhohlwa njengoba eseyoyibamba kwiBafana Bafana egijinyelwa nanguDean Furman okubhekeke ukuba ashaye ibuya koweBucs njengoba ebephunyuziwe koweCaf.

"Ukuqikelela ukuthi siyawunqoba lo mdlalo ngokuvimba ngisho impukane kuzokwenza ukuthi ngihlale ngizinze enhliziyweni kaBaxter, angikhumbule noma eseqoka isikwati sakhe esilandelayo," kusho lo nozinti oneshwa lokudliwa ngamagoli nxa esezintini zeqembu lesizwe.

Uqhube ngokuthi bazimisele ngokuziqophela umlando ngokuba yikilabhu yokuqala ukunqoba iNedbank Cup amahlandla amathathu.

"Ukunqoba le nkomishi kungaba yinto enhle kakhulu ukuvalelisana nomqeqeshi wethu ngezinga elicokeme. UBaxter usisize kakhulu kulezi zinyanga ezedlule siyibambe ndawonye," kusho uWilliams ogcizelele ukuthi umphumela weligi lapho behlule khona iBucs ngo-6-1 kawusho lutho.

Uthi iPirates yikilabhu enkulu, okudingeka ukuthi bawasebenzise ngendlela wonke amathuba abazowathola ukuyigoba.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.