Baphawula ngoSuku lweNkululeko

2016-04-27 13:59

Durban - Namuhla izwe lonke ligubha uSuku lweNkululeko, iFreedom Day

Ngabe lusho ukuthini lolu suku kuwe mfundi wethu esimthandayo?

Baphawule kanje abafundi: 

ULungy Maluka uthe: Lusho lukhulu kimina ngoba langivulela iminyango emningi njengomuntu omnyama, okwami kwaba ukuthi ngisebenze kanzima ukuze ngikwazi ukungena kuleyomnyango ngenxa yokuzabalaza komama nobaba, uvuliwe umnyango. Ngeke uphushwe ngenkani ukuthi ungene kuwo kukuwe, uma uhlezi dekle ulindele ukudonselwa kuwo angeke ukubone ukubaluleka kwalolu suku. Happy Freedom Day! Viva maqhawe omzabalazo!

USis N Qwabe uthe: Mina alusho lutho ngoba konke enginakho ngakusebenzela kanzima ayikho nje into yamahhala engayithola futhi nomnotho usaphethwe abelungu- Abantu benza noma ikanjani egameni lenkululeko.

UXoli Mchunu uthe: Kimi lusho lukhulu ngoba kwagqabuka ingxenye enkulu yengcindezelo esasibhekene nayo siyindlu ensundu nakuba inkululeko ingakapheleli kahle! Kwabaphangalala nabadingiswa nababoshwa nabahlukunyezwa ukuze sikhulululeke, ngiyabonga kakhulu ngesibindi nobuqhawe babo.

UMzwah Zwide uthe: Alisho lutho kimi, abantu basacindezelekile kakhulu basakhuluma isilungu, namanje abanamali basasebenzela bona abamhlophe namanje ngingasho ukuth indlu emnyama ikhululeke emjolweni nasotshwanli kodwa cha kwezomnotho kumnyama mpela.

UNtuthuko Sikobi uthe:  Hahaha, usuku olukhulu kakhulu, saphuma kwincindezelo yamabhunu, kuningi kakhulu ubuhlungu esasizwiswa bona ngenxa nje yebala lethu. Namhlanje nginamalungelo ngiwumuntu njengabo bonke abantu abaphila eNingizimu Afrika.

Bheka ku-Facebook-Izindaba News24, ubone abanye batheni

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.