Baphebeza eyezinsolo zokudliswa kukaNcwane ushevu

2016-12-08 15:27

Durban – Labo abasondelene nesihlabani somculo wokholo esingasekho emhlabeni, uSfiso Ncwane, bathi abazinaki izinsolo ezithi lo mculi ubulawe ubuthi.

UNcwane udlule emhlabeni ngoMsombuluko kulandela ukuxinwa ukugula isikhathi esifushane.

Odokotela baveze ukuthi lo mculi ushone ngenxa yenkinga yezinso ebesezikhandlekile, kubika iSolezwe.

OLUNYE UDABA: INGOSI: Mhlalwumbe kukhona uNkulunkulu abemphumuza kukho uNcwane

Lowo obeyi-road manager kaNcwane, uCelumusa Mdlalose uthe: “Asiwanaki amahlebezi, thina sinaka lokhu esikutshelwe odokotela. Bathe uSfiso ubenenkinga yezinso.”

Okhulumela umndeni uSipho Makhabane uthe vele abantu bayohlezi bekhuluma abakuthandayo, ngakho ngeke bazinake izinto eziningi ezishiwoyo ngomufi.

Inkonzo kaNcwane yomngcwabo izobanjelwa eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo, ngo-09:00 bese eyofihlelwa emathuneni aseChesterville.

Inkonzo yesikhumbuzo iyaqhubeka eThekwini Community Church, eThekwini.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.