Baphika eyoqhekeko phakathi kweMeya yeTheku nephini layo

2017-03-15 12:30

Durban – I-DA ikhala ngeMeya yeTheku uZandile Gumede njengoba ithi useqoke ngokungemthetho lowo ozoba yibamba leMeya yaleli dolobha ngesikhathi yena esaphumile kuleli.

Lokhu kuvezwe yisitatimende seqembu ngomlomo womholi walo KwaZulu-Natal, uZwakele Mncwango.

Leli qembu lizwakalisa ukuthi liyaphikisana kakhulu nokuqokwa kukaKhansela uMondli Mthembu ukuba abambe njengeMeya yeTheku, futhi iyaphikisana nokuba abenguSihlalo womhlangano wesigungu esiphezulu sokuphathwa kukamasipala ngoLwesibili ekuseni, njengoba umthetho uthi kumele uGumede aqoke iSekela lakhe, uFawzia Peer, kulesi sikhundla uma engekho.

“Silawulwa umthetho ngakho kufanele ukuthi ulandelwe ngaso sonke isikhathi. Isenzo seMeya senza kucace ukuthi kunokungahoshelani phakathi kwayo noPeer,” kusho uMncwango.

 “Akukhona okokuqala iMeya yephula umthetho, angicabangi ukuthi yayihamba iSalga Training ngesikhathi ithatha lesi sikhundla lapho kusuke kuqeqeshwa abaphathi uma bethatha izikhundla.

“Ngithanda ukuthi nje anginankinga yokumsiza uMeya ekutheni awuqonde umthetho ukuthi usebenza kanjani, nginganikela ngesikhathi sami noma izinsuku ezimbili nje ukuze ngithi ukumfundisa ngale mithetho ngoba kuyacaca ukuthi akayazi,” kusho uMcwango ekhuluma neZindaba24.

I-DA ithi yazi kahle ukuthi isizathu esenza uGumede alaxaze isekela lakhe ngale ndlela, ukuthi lisohlangothini lwe-ANC olungahambisani naye uGumede.

OLUNYE UDABA: Isinomholi omusha i-ANC eThekwini

“Lokhu kutshengisa ukuthi futhi ukwehlukana kwe-ANC sekuphazamisa ukusebenza kukamaspala, nokuholela ekutheni yona i-ANC iphule imithetho elawula ukusebenza komaspala.

“IMeya uGumede usephindile futhi watshengisa ukungawuhloniphi umthetho iLocal Government Municipal Structures Act, okubeka kucace esigabeni u-49(2) ukuthi isekela leMeya kumele libambe imisebenzi yeMeya uma kwenzeka ingabikhona,” kuqhuba uMncwango.

“Kuyoze kube inini uMaspala weTheku uholwa ngumuntu ongawuhloniphi umthetho wezwe? Kuyoze kube inini lomasipala onezigidigidi zezimali uholwa umuntu ongawulungele lo msebenzi? Lo masipala uzozithola usenkingeni enkulu,” esho.

UMncwango uthe i-DA izobhalela uNgqongqoshe wezokuBusa ngkuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu esifundazweni, uNomusa Dube-Ncube, icela ukuba kubuyekezwe isinqumo sokuqokelwa kukaMthembu esikhundleni sokuhola lo maspala.

Bathi bafuna ukwenza lokhu uMthembu engakathathi zinqumo ngomasipala esakulesi sikhundla akusona ngokungemthetho.

Okhulumela iMeya, uMthunzi Gumede, uveze ukuthi konke lokhu okushiwo yi-DA kuwukuhlanekezela imithetho elawula omasipala ukuze ivune yona.

“I-DA iyapolitika nje kuphela, alikho iqiniso kukho konke lokhu ekushoyo. Ayikho nale yokuthi iMeya noPeer ababhekani.

“Lesi sigatshana somthetho esicashunwe yi-DA sikubeka kucace ukuthi iMeya ayiphoqelekile ukuqoka isekela layo. Kodwa-ke, kulindelekile lokhu kuleli qembu ngoba vele liyiqembu eliphikisayo yingakho lithatha izinto lizibeke ngendlela ezizovuna lona,” kuqhuba uMthunzi.

Uthe iMeya iqoke uMthembu ukuze iqinisekise ukuthi ihhovisi lisebenza ngendlela ngesikhathi ingekho, futhi uMthembu uzosebenza ngokubambisana nehhovisi likaPeer.

Uthe iMeya iye eNew York iyokwethamela umhlangano we–C40 Cities njengoSekela Mengameli wale nhlangano yomhlaba edingida ngezindaba zokuguquguquka kwesimo sezulu.

Unanele ngokuthi iMeya izohlangana nezinye iziMeya zesifazane eziqhamuka kuwona wonke amazwe omhlaba ukuze kuzodingidwa ukuthi isimo sezulu sibathikameza kanjani abantu besifazane, ikakhulukazi abasezindaweni ezisemakhaya.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.