Baphikisa iminyaka yomholi we-ANCYL

2017-10-15 14:14

Johannesburg – Ilungu le-ANC Youth League (ANCYL) ngoMgqibelo lithe lifuna kususwe esikhundleni umengameli walolu phiko uCollen Maine, likhala ngokuthi mdala kakhulu ukuba angaba ngumholi.

UThabo Molamu, ekhulumela uphiko lwentsha ngaphansi kwewadi iMoses Kotane eNorth West, uthe, "Leya ndoda indala kakhulu, ayisiyena umengameli wethu.”

UMolamu uthi usebhalele incwadi unobhala jikelele we-ANCYL uNjabulo Nzuzo kanye nowe-ANC uGwede Mantashe, ephikisa iminyaka kaMaine nokuthi akakulungele ukuhola uphiko lwentsha.

"Ezincwadini, sithe akekho umuntu oneminyaka engaphezu kuka-35 ubudala ovunyelwe ukuba yilungu nokuhola uphiko lwentsha…Ngesikhathi ekhethwa, wathi uneminyaka engu-34.9 ubudala kodwa kwatholakala ukuthi wayeneminyaka engu-36. Sinayo imininingwane yakhe.”

OLUNYE UDABA: I-SACP isola i-ANC ngoboshelwe isibhamu esingekho emthethweni

UMolamu uthe bafuna kuhlonishwe umthethosisekelo othi umuntu ovunyelwe ukuba yilungu ngoneminyaka ephakathi kuka-14 kuya ku-36 ubudala.

"Uphinde uthi uma uneminyaka engu-35 noma ngaphezulu ubudala, uyayeka ukuba yilungu lophiko lwentsha, ngakho ngeke wakwazi ukuhola izinhlaka zalo uma ungelona ilungu lophiko lwentsha.

"UCollen Maine ufanelwe ukuba sekhaya labadala.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.