Baphila lubhojozi abahlala endaweni yomntakabani

2016-11-08 14:33

Hartbeespoort – Kube yimpelasonto enzima kakhulu endaweni yomtakabani eHartbeespoort njengoba izgebengu bezihlasela zingaqedi kule ndawo.

Isigameko sokuqala senzeke eBroederstroom ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi kugetshengwa owesilisa ehleli kwakhe. Lo mlisa uzwe kuqhuma isibhamu ngasesangweni lakwakhe engena ngo-23:00 ebusuku.

Uthe eqalaza ezama ukubona ukuthi siqhuma kuphi isibhamu wabona izigebengu ezimbili ezihlomile.

Izigebengu zimlalise phansi zamubopha, zisuke lapho zangena endlini zaqoqa konke ezikufunayo zakufaka emotweni. 

Kwesinye isigameko, kuhlaselwe umndeni waseMelodie ngesikhathi izigebengu zingena kulo muzi zihlomile.

UGraeme Longhurst nomkakhe kanye nengane yabo enezinyanga ezinhlanu izelwe bahlaselwe ebusuku ngo-19:30 ngeSonto bezibukele umabonakude.

OLUNYE UDABA:Kushone abathathu izigebengu zigasela KwaMnyandu Mall

ULonghurst uphume eyobhema ngaphandle ngesikhathi ezithela phezu kwezigebengu eziyisithupha.

“Lezi zigebengu zingene kulo muzi zathatha omakhalekhukhwini, imali kanye nenye impahla bashaya bachitha ngemoto kaGraeme yohlobo lwe-Isuzu."

Umphakathi ubusashaqekile futhi uthukile ngalezi zehlakalo ngesikhathi kuzwakala ukuthi sekugetshengwe igalaji likaphethiloli eBokfontein.

Izigebengu ezimbili ebezihlomile zifike kuleli galaji ngezintatha zangoMsombuluko zabopha unogada ngozankosi bakhe zangena esitolo.

Ngokusho kukaPeet Pretorius ongumphathi kuleli galaji lakwaSasol, laba basolwa bakhombe abasebenzi ngezibhamu bathatha yonke imali emathilini, kubika iKormorant.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.