Baphinde basala dengwane abagibeli bamabhasi kuqhubeka isiteleka

2018-04-23 07:35

Johannesburg - Iningi labagibeli bamabhasi kudingeke ukuba liphinde libheke ezinye izinto elizohamba ngazo ngoMsombuluko ekuseni njengoba siqhubeka isiteleka sabamabhasi kuzwelonke.

Isiteleka siyaqhubeka ngemuva kokubhuntsha kwezingxoxo zezinsuku ezimbili phakathi kwezinyunyana kanye nabaqashi eCommission of Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA).

Abasebenzi phambilini bebefuna ukwenyuselwa amaholo ngo-12% kanti umqashi ubebeka etafuleni u-7%.

Abasebenzi bachithe isiphakamiso somqashi sokubenyusela amaholo ngo-8% unyaka wokuqala baphinde benyuselwe ngo-8.5% ngonyaka wesibili, njengoba bona befuna ukwenyuselwa ngo-9.5% ngonyaka wokuqala bese benyuselwa ngo-9% ngonyaka wesibili.

OLUNYE UDABA: Bathi uZuma akayekwe phansi

"Isiteleka sabamabhasi siyaqhubeka, sisazoshuba,” kusho okhulumela iSouth African Transport Workers and Allied Workers Union (Satawu) uZanele Sabela.

"Sicela nalabo basebenzi abangekho ngaphansi kwenyunyana ukuba babeke phansi amathuluzi ukuze ezongena ngaphansi kwengcindezi umashi.”

Esitatimendeni esikhishwe ngeSonto, idolobha laseKapa lazise abagibeli ukuthi amabhasi eMyCiTi ngeke abekhona.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.