Baqiniswa idolo abathandi beChiefs

2017-01-29 13:26

Durban – Uqinisa idolo abalandeli beKaizer Chiefs uRamahlwe “Rama” Mphahlele oyisitobha sale kilabhu okhombisa ukungena khaxa esitayeleni sale kilabhu esanda kufika.

ICheifs iwusonge kahle umzuliswano wokuqala wemidlalo ye-Absa Premiership inqoba imidlalo yayo emibili yokugcina.

Nokho njengoba kunekhefu le-Caf Africa Cup of Nations eqhubeka eGabon, abalandeli bayo banovalo lokuthi kuzophazamiseka umgqigqo evale ngawo.

UMphahlele uthi nakuba leli khefu libaphazamisile kodwa abalandeli babo mabehlise imimoya ngoba bazoqhubeka lapho begcine khona, kubika ILANGA LangeSonto.

“Njengoba sisekhempini nje, simatasa silungisa wonke amaphutha esiwenzile ngomzuliswano wokuqala. Konke kubukeka kuhamba kahle, kakunazihibe.

OLUNYE UDABA: IKaizer Chiefs icathamela umgadli we-Orlando Pirates

“Ngiyazi ukuthi abalandeli bethu banovalo lokuthi kungase kuphazamiseke umgqigqo wethu kodwa ngithi imimoya phansi sizobuya ngolunye unyawo.

“Imidlalo yethu yokuqala emithathu yiyona emqoka ngendlela eyisimanga noma kanjani kufanele siyinqobe,” kusho uMphahlele ojoyine iChiefs esuka kuMamelodi Sundowns abengukaputeni kuyona.

Mayelana nethuba lokunqoba isicoco seligi, uthe: “Konke kulele ekutheni siyivula kanjani iligi ngale midlali emithathu yokuqala. Ithuba lokuthi sinqobe isicoco seligi sikhona.

“Thina okufanele sikwenze wukuthi sinamathele kulaba abaphezulu kwethu singavumi ukuthi basivulele igebe. Uma senze njalo kangingabazi ukuthi kuzokhulunywa okunye ngokuphela kwesizini.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.