Baqoqe kwasani emcimbini wokuklonyeliswa kosaziwayo uBonang no-AKA

2016-07-18 19:00

Durban - UBonang kanye nesoka lakhe u-AKA badle umhlanganiso beqoqa izindondo kuwama-YOU Spetecular Awards, kubika i-Eyethu News.

Lo mcimbi wezindondo ububanjelwe  e-Emperors  Palace eGoli ngoMgqibelo ebusuku.

UBonang  nesoka lakhe bathole indondo yokuba izithandani ezivelele, ngaphezu kwalokho le ntokazi ibuye yahlabana ngezindondo zokuba umsakazi othandekayo, intokazi enesitayela, usaziwayo wesimame oyintandokazi kanye nosaziwayo ovelele ezinkundleni zokuxhumana.

Lezi zithandani zishiye izitha zikhexile ngoba azikaze zikuthole ukuphumula selokhu zaqala ukuthandana.

OLUNYE UDABA:Ngabe uPearl ukhulumele uDJ Zinhle wasaphaza uBonang?

Kwabanye abawinile kulo mcimbi: U-AKA uthole eyosaziwayo wesilisa onesitayela, uJessica Nkosi uthole eyomlingisikazi oyintandokazi.

UMinnie Dlamini uthole eyentokazi ebabayo kanti owesilisa othole indondo efanayo uMaps Maponyane.

Umrepha ongaconsi phansi kubalandeli bakhe u-Emtee uthole indondo yokuba isihlabani esisafufusa.

UDJ wodumo uBlack  Coffee uthole eyokuba isihlabani somculi ovelele.

Umlingisi weGenerations The Legacy uVusi Kunene uthole eyokuba umlingisi oyintandokazi:

uTumi Morake kube nguyena usomahlaya othandwa kakhulu:

U-Itumeleng Khune ube ngumdlali ovelele wezemidlalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.