Basabisa ngokutshinga "okhiye" abashayeli bamatekisi

2017-03-12 18:32

Durban - Abashayeli bamatekisi basabisa ngokuteleka uma abanikazi bamatekisi bengazisombululi izinkinga ababhekene nazo.

Lokhu kushiwo ngabaholi benyunyana yabashayeli, iSouth African Public Transport Workers Union (Saptwu) abafike emahhovisi ephephandaba iSolezwe ngalolu daba.

UNobhala wale nyunyana, uLinda Nkosi, uthe sekufike lapho bekhathala khona ngoba bayaxoxa nomqashi kodwa akayingeni eyokubalalela.

Uthe isikhalazo sabo esiseqhulwini ukuthi basebenza amahora amaningi bengaphumuli, okugcina kudala izingozi zomgwaqo.

‘’Uma kwenzeka izingozi kugxekwa abashayeli kanti nathi sisuke sihujwa ngemuva, kufuneka sibuye nemali eningi,’’ kusho uNkosi.

OLUNYE UDABA:Abashayeli bamatekisi bavale imigwaqo eDurban North

Uthe okunye okuyinkinga ukuthi imithetho yezabasebenzi eshaywe umnyango ayingenwa indaba yabo embonini yamatekisi, kufuneka imali phambili.

Uqhube wathi kufanele iphele indaba yokuthi umshayeli wetekisi angahlonipheki ngoba mkhulu umsebenzi awenzayo nsukuzonke.

“Singabasebenzi njengawo wonke umuntu ovuka aye emsebenzini. Kufanele sibe namahora abekiwe esiwasebenzayo,’’ kusho uNkosi.

Uthe ayikho enye indlela uma bengabanaki abaqashi, bazongena emgwaqweni.

IPhini likaSihlalo weSouth African National Taxi Council (Santaco) esifundazweni, uBheki Mbambo, uthe kuyamethusa ukuthi sebenqunyelwa okatiki ekubeni inyunyana ingakaze ixoxe nabo.

“Udaba olubalulekile lolu kodwa kuyathusa uma sekuthiwa kuzobekwa phansi amathuluzi, Abakaze balulethe ezithebeni luxoxwe kahle udaba.’’

Uthe bona bavule izandla uma kukhona inkinga ethinta abasebenzi bemboni yamatekisi wathi ngeke bayibalekele. Uqhube wathi inyunyana ithatha ngamawala uma isifuna ukumisa ukusebenza esikhundleni sokuxoxa kusombululwe izinkinga.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.