Basale dengwane abantu imijondolo yabo ithungeleka ngomlilo

2018-02-12 14:00

Cape Town - Kucekeleke phansi amakhaya abalelwa kwangu-100 ngesikhathi ethungeleka ngomlilo eMandela Park, ngaseHout Bay, ezintatha zangoMsombuluko.

Okhulumela umnyango wezokutakula nezemililo eKapa, uTheo Layne, uthe babalelwa ku-350 abantu abasale dengwane ngemuva kokuthi kucekeleke phansi imijondolo engu-95 kulo mlilo oqale ngabo-02:00.

Nonyaka owedlule, babalelwa okungenani kwabayishumi abantu abashona endaweni lapho umlilo owacekela khona phansi imijondolo engaphezu kuka-600.

ULayne uthe abekho abantu abashonile kulesi sigameko sakamuva, kepha kulimale isicishamlilo.

OLUNYE UDABA: Kulimale izingane itekisi ligqamuka umlilo eThekwini

"Kulimale isicishamlilo esisodwa esishaywe yilungu lomphakathi. Nokho akukubi kakhulu njengoba sithole imihuzukwana futhi asiyiswanga nasesibhedlela," kusho uLayne.

"Umlilo usubhuliwe manje, kepha ithimba lethu lisasendaweni yesigameko ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi umlilo ucimile," esho.

ULayne uthe ithimba labo lizohlala isikhashana kuleya ndawo ukuqapha isimo.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.