Basale enkundleni abasolwa abahlanu eThekwini

2017-08-28 14:02

Durban - Abasolwa abahlanu abebehlomile badutshulwe babulawa ngamaphoyisa kwasinda oyedwa ophunyukile, kubika iThe Mercury.

Lokhu kwenzeke esigamekweni sokudubulana phakathi kwamaphoyisa nemigulukudu ekuseni ngoMsombuluko eThekwini ngesikhathi abasolwa bebamba imoto yemali eValue Centre eSpringfield.

Umsolwa oyedwa udutshulwe wabulawa endaweni yesigameko, kwalimala oyedwa kwaboshwa ababili.

Laba basolwa bebehamba ngezimoto ezimbili eyodwa iCorsakanye ne-Mercedes Benz.

Abanye abasolwa babaleke ngeMercedes Benz.

Amaphoyisa alandele abasolwa ababamba endaweni yaseParlock, nokuyilapho abasolwa bafike bashayisa ngemoto kwaqhubeka ukudubulana.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe abasolwa ebebedubulana namaphoyisa

Ngesikhathi kudutshulwana, kubulewe abanye abasolwa, kwasinda oyedwa osagcwele amathafa.

Indiza yamaphoyisa enophephela emhlane isazungeza le ndawo ithungatha lo msolwa.

Kulesi sigameko, kulimale amalungu omphakathi amahlanu abebukele kuqhubeka lesi sehlakalo.

Okhulumela abeRescue Care uGarrith Jamieson uthi abezimo eziphuthumayo belaphe abantu ababili abalimale esigamekweni sokudubula eParlock.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.