Basekubhaceni abasinde kuqothwa umndeni

2017-08-15 07:01

Durban - Ubaleke washiya kukhala ibhungezi emzini wawo umndeni wakwaNtshangase eMatini, eMamba, eShowe, enyankatho-mpumalanga neKwaZulu-Natal ngenxa yezinsolo zokuthi kuzoqedwa ngabasele kuwona emuva kokuba kuhlaselwe amalungua awo ngeSonto eledlule aqothwa ngenhlamvu.

Ulunga lomndeni, uXolisile Ntshangase, lithe kabasaphephile, yingakho bengasahlali kulo muzi. Uthi bezwile ngandlebenye ukuthi basazohlaselwa.

Kwenzeka lokhu nje, ILANGA lithole sekushone elinye ilunga lalo lomndeni, uNkanyiso Ntshangase, ebelingeniswe esibhedlela ngenxa yokudubuleka kade kuhlaselwa lo mndeni.

Amaphoyisa kuthiwa anikele eThekwini abopha omunye wesilisa ngoLwesihlanu ongowesithathu, ababili bese bevele beboshiwe ngezinsolo zokubulwa kwamalunga alo mndeni.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe ababili abasolwa ngokubulala eKZN

Ngeledlule kuhlaselwe kwaNtshangase kwadutshulwa amalunga omndeni ayisihlanu evalelwe endlini. UGama Ntshangase noDoda Bhekumgazi Ntshangase - obekumele athathe isihlalo sobukhosi - bashonele phakathi endlini kanti uBongani Bhengu oyisihlobo sakwaNtshangase, kuvele ukuthi ushonele le ngaphandle kwendlu ezama ukubaleka.

UNjabulo noNkanyiso bakwaNtshangase, bakwazile ukudlubulundela ngesikhathi sesigameko njengoba uNkanyiso eze washona ngoLwesihlanu.

ILANGA lithole ukuthi la malunga ashonile, amabili adutshuliwe kwase kokhelwa indlu ngomlilo, ashiswa.

Kunezinsolo zombango wobukhosi bakwaNtshangase okuthiwa buphethwe yiNkosi Vela Shange.

Lobu bukhosi kuthiwa babunikwe uShange emandulo ngabozalo lwakwaNtshangase ukuba babubambe.

INkosi Shange kubikwa ukuthi ibisibudelile lobu bukhosi, isitifiketi yasinika uXolani Ntshangase nakuba ebengakagcotshwa njengoba naye bekumele asidlulisele kuDoda Ntshangase.

Phambilini ulunga lomndeni, uXolisile Ntshangase, lithe kwenzeka lokhu nje, bekuhlatshiwe kulo mndeni kunomsebenzi.

"UShange ubeseyiyona iNkosi endaweni kodwa izinto ezithinta ubukhosi ubesezidlulisele ngoba ubengenqabile nabo.

"Le nto bebeyihlele kahle ngoba baqale babhoncula amalambu akhanyisa emnyango kwase kuba mnyama emuva kokuba benze umonakalo," kusho uXolisile.

Utshele ILANGA ukuthi indlu egweve nobukhosi ngeyaKwaNjengonina kanti ubukhosi obasendlini yaseZithiya. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Thulani Zwane, uthi icala livulwe esiteshini samaphoyisa eMbongolwane, eShowe.

"Amaphoyisa abophe omunye umsolwa wesithathu ngoLwesihlanu, oneminyaka engu-54 ubudala ovele eNkantolo yeMantshi yaseShowe namuhla (ngoMsombuluko)."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.