Basenkantolo abasolwa abavulela ngenhlamvu erenki yaseThekwini

2018-05-02 14:00

eThekwini - Kubenesiphithiphithi ngoMsombuluko eNkantolo kaMantshi eThekwini ngesikhathi kuvela abasolwa abangu-16 ababhekene namacala odlame lwasematekisini.

Idokodo belingatholakali kanti neMantshi u-Anitha Amu uke walimisa kancane icala amahora ambalwa.

UMshushisi uMalibongwe Mhlongo uveze ukuthi bebesamatasa becubungula idokodo.

Kuze kwagcina kuvela abasolwa abayisikhombisa ngo-15:00 ntambama. Abanye badedelwe ngenxa yokuhoxiswa kwamacala ngokungabibiko kobufakazi obanele.

OLUNYE UDABA: Usenkantolo obesekuphele isikhathi efunelwa awokubulala eGlebelands

Laba abayisikhombisa abavelile babekwe amacala okubulala, ukuzama ukubulala kanye nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.

Leli cala lihlehliselwe umhlaka-10 kwephezulu ukuze abasolwa bazofaka isicelo sebheyili.

La madoda aboshwa ngoLwesihlanu ngemuva kwesigameko sokudubula erenki yamatekisi akuBrook Street, eThekwini.

Kuthiwa laba basolwa bagasela kule renki bavulela ngenhlamvu bebulala usomatekisi uMkhali Madondo, 56, kwalimala nomfowabo uThulani, 43, kanye nomshayeli uKhanya Dlamini, 46.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe uphenyo lusaqhubeka kanti nalaba basolwa abadedelwe kungenzeka baboshwe futhi uma kutholakala ukuthi bayabandakanyeka kula macala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.