Basenkantolo abayeka ukulwa bodwa bajikela umnikazi wethaveni

2018-03-05 11:01

Johannesburg - Amadoda amabili aboshwe ngemuva kwezinsolo zokushaya nokubamba inkunzi umnikazi wethaveni eDevondale eVryburg, kulindeleke ukuba avele enkantolo namuhla, kusho amaphoyisa aseNorth West.

UBrigadier Sabata Mokgwabone uthe la madoda ayelwa ethaveni ngoMgqibelo, kwathi uma umnikazi eyobheka ukuthi kuqhubekani, wahlaselwa.

OLUNYE UDABA:Iboshwe isaziphuzela utshwala indoda 'egwaze yabulala' enye ethaveni

"Kusolwa ukuthi abasolwa bayeka ukulwa bodwa, bajikela umnikazi wendawo bamshaya ngaphambi kokumbamba inkunzi isamba semali esingaziwa."

La madoda, eneminyaka engu-19 neneminyaka engu-24 ubudala, azovela eNkantolo yeMantshi yaseVryburg ngoMsombuluko ngamacala okuphanga, kusho uMokgwabone.

 - African News Agency (ANA)




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.