Johannesburg - Zisesimeni esibucayi izingane ezimbili ngemuva kwezinsolo zokudlala phezu kwesitimela sihamba eduzane nasesiteshini saseRiverlea, entshonalanga neGoli.
Ngokusho kwabosizo lokuqala bafice uunfana, 17, equlekile enamaxeba amabi okulimala kujantshi.
Kukholakala ukuthi omunye walezi zingane oneminyaka engu-16 ubudala ukwazile ukuhamba aze afike emzini oseduze nesiteshi wacela usizo. Naye lo mfana ulimale kanzima.
OLUNYE UDABA: Iyelulama ingane ewe esitimeleni KwaMashu
Abosizo lokuqala baxilonge lo mfana endaweni yesigameko ngaphambi kokumphuthumisa esibhedlela iHelen Joseph kanti nalo oneminyaka engu-16 ubudala.
Lo oneminyaka engu-16 ubudala ukwazile ukuchaza ukuthi kwenzekeni wathi babanjwe inkunzi base bekhishelwa ngapahndle esitimeleni.
Amanye amalungu omphakathi athe ezwe umsindo omkhulu kwase kucisha ugesi.
Bakholwa wukuthi
lo msindo ubuqhamuka ngasesiteshini ngesikhathi oyedwa walaba bafana ezibhanqa namakhebula.
Amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko ukuba ezophenya isigameko.
Amalungu omphakathi abelusizo kakhulu njengoba abesiza izisulu kwaze kwafgika abosizo lokuqala.
- eNCA
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter