Basesimweni esibucayi abebedansa phezu kwesitimela

2016-07-06 19:00

Johannesburg – Abafana ababili baseGoli basesimweni esibucayi ngemuva kokulimala bedansa phezu kwesitimela.

Abagibeli bathi laba baqale ukwenza lo mdanso wabo ngoLwesibili ebusuku isitimela sihamba ngaseRieverlea.

Abe-ER24 bathe kubizwe abosizo lokuqala ngo7:30 ebusuku ngombiko wowesilisa oshelele wawela kujantshi.

“Ngesikhathi abosizo lokuqala befika, abagibeli babayalele lapho bekukhona umfana oneminyaka engu-17 ubudala obelimele kakhulu,”kusho okhulumela i-ER24.

Umfana wesibili oneminyaka engu-16 kuthiwa uyena okwazile ukuyofuna usizo komunye wemizi esondelene nojantshi, kuthiwa ufike wathi bebebanjwa inkunzi esitimeleni wase ephushelwa phandle sihamba.

Iqiniso litholakale endaweni yesigameko sebefika abosizo lokuqala, naye ubelimele kabi esinyeni kodwa uphuthunyiswe esibhedlela, kubika i-African News Agency

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.