Basesitokisini abesifazane 'abadlwengula' umfundisi

2017-07-27 19:29

Bulawayo - Kuboshwe abantu besifazane abathathu edolobheni lesibili laseZimbabwe, iBulawayo, ngezinsolo zokuvalela umfundisi endlini base beyamdlwengula, kusho umbiko wabezindaba.

Ngokusho kwephephandaba loMbuso iChronicle, uSandra Ncube, 21, uRiamuhetsi Mlauzi, 23, noMongiwe Mpofu,25, bavalela badlwengula umfundisi - igama lakhe elingaziwa - ngemuva kokuba efike emzini woyedwa wabo oseCowdray park eyolanda imali yakhe ayemboleke yona.

OLUNYE UDABA:Bagwetshwe kanzima abesifazane abadlwengula owesilisa eKZN

Umshushisi uPetros Shoko, uthe lo mfundisi wathi efika kulo muzi wathintwa isitho sakhe sangasese ngaphambi kokuba abasolwa abababili bambambe ngenkani bambeke embhedeni bamphoqe ukuba azibandakanye nomsolwa wesithathu ocansini.

"UNcube wazitika nesisulu ngocansi kanye ngaphandle kwemvume yaso," kusho uShoko.

Abasolwa baziphikile izinsolo zokudlwengula lo mfundisi kodwa bavuma "elokumwotawota".

Abasolwa bagcinwe esitokisini kanti bazobuyela enkantolo ngomhlaka-7 Agasti.

Lokhu kuza ngemuva kombiko weDaily Mail wangoLwesibili othi uthisha oneminyaka engu-39 ubudala ungeniswe esibhedlela ngemuva kokubika ukuthi udlwengulwe abesifazane abathathu abamthumba, bamgxisha izidakamizwa base beyamdlwengula izinsuku ezimbili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.