Basezitokisini abathathu ababhekene namacala okubulala abesimame ababili

2018-04-28 09:35

eLimpopo -  Abantu abathathu kulindeleke ukuba bavele phambi kweMantshi yaseSeshego ngamacala okubulala abesimame ababili endaweni yaseKalkspruit eLimpopo.

Lawa madoda amathathu aboshwa ekuqaleni kwale nyanga khona kule ndawo yaseKalkspruit.

Isigameko sokuqala yileso sokutholakala kowesimame oneminyaka engu-22 ubudala eshisiwe emotweni endaweni yaseMashashane Christina.

Lo wesimame kwabikwa ukuthi ulahlekile ngomhlaka 5 Febhruwari.

OLUNYE UDABA: 'Angikaze ngimebele uMugabe, naye angafakaza'

Esinye isigameko sokutholakala kwesidumbu sowesimame, 47, naye okwabikwa ukuthi ulahleke ngo-Febhruwari.

Isidumbu salo wesimame sitholakale esikhotheni kwelinye lamapulazi aseNewlands eMashashane.

Okhulumela amaphoyisa uMaphure Manamela uthe:“Lawa masolwa bhekene namacala amabili okubulala, ukuthumba, ukudlwengula, ukugebenga kanye nokweba."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.