Bashaqeka abanikazi bezimbongolo bebona amakhanda nezikhumba zazo ethaveni

2016-07-18 11:43

Johannesburg - Sekuphele izinyanga izimbongolo zilokhu zinyamalala esigodini sakwaMmakau eNorth West kodwa ngoMgqibelo ekuseni abanikazi bazo bafice izimbongolo ethaveni abahlezi beqeda kuyo ukoma.

Izimbongolo ezingu-42 besezifile.

OLUNYE UDABA:Ivideo indoda ibhemisa imbongolo ugwayi

Abanikazi balezi zimbongolo bebeshaqekile ukubona amakhanda azo nesikhumba sazo, inyama yazo isemafrijini.

Umnikazi wethjaveni odabuka eChina ubelokhu eba izimbongolo efuna ukuthuthela inyama yazo kwelakubo.

Ngesikhathi le ndoda ibuzwa ngezimbongolo iphendule ngokuthi bayazidinga izimbongolo eChina.

"Zenza umuthi omuhle kabi wabantu besifazane."

Lokhu akwehlanga kahle kubanikazi bezimbongolo, kubika iDaily Sun.

Abakwa-SPCA namaphoyisa babizelwa endaweni umnikazi wethaveni wasayinda incwadi efngelwe yokuthi uzobakhokhela abanikazi bezimbongolo.

U-Inspector Mehsack Matlou wakwa-SPCA uthe uphoxekile ukuthi abanikazi bezimbongolo abafunanga ukuvula icala lokweba.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.