Bashaye udaka abadidiyeli bomcimbi weBSA

2017-01-26 14:31

Durban - Lo mcimbi uzokuba kusasa ngoLwesihlanu kusuka ngo-19h00 eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.

Nakuba iBSA ikucacisa ukuthi izimpi okumele kuqokwe kuzona ehamba phambili kumele kube ngelwiwe kusuka mhla lulunye kuMfumfu (October) wezi-2015 kuya kumhla wama-30 kuMandulo (Septermber) wezi-2016 kodwa kumpintshwe nempi kaHekkie Budler benoSimphiwe Konkco ekubeni behlubane ngequpha mhla zili-19 kuMandulo wezi-2015.

Enye engene ngefasitela ngekaZolani Tete noPaul Butler abashove iqupha ngomhla ziyisi-8 kuNdasa (March) wezi-2015.

Phakathi kwezimpi okuzoqokwa kuyona eyonyaka ngebiphakathi kukaKonkco noBudler, eka-Azinga Fuzile noXolisile Sinyabi nekaJohnny Muller noKevin Lerena.

UFuzile unqobe ibhande likazwelonke kungazelele muntu njengoba ebenza u-grade 11 ngonyaka odlule.

Kuminyene utshumo nasebhokiseni lonyaka. Lo mklomelo ubangwa nguKonkco, uXolisani Ndongeni noZolani Tete.

Lo mcimbi usukhuza ibuya ngemuva kwesikhathi eside wagcina ukuhlelwa. Uhlelwa yiBSA, umNyango WezeMidlalo wesifundazwe nokazwelonke, uMkhandlu weTheku neSABC ezowukhombisa bukhoma.

OLUNYE UDABA:Kuxoshwe owathi akushenxe uTsvangirai

Kwabesifazane impi yonyaka kuzoqokwa kwebiphakathi kukaNoni Tenge noSzilvia Szabnos, ekaGabisile Tshabalala no-Unathi Myekeni nekaFortuin noSimone da Silva.

UBukiwe Nonina, uLianda Jeggels noSharoldine Fortuin bazobanga owebhokisa lesifazane lonyaka.

UMzamo Njekane, uCollin Nathan noKeith Rass bazobanga owomqeqeshi wonyaka, kanti uMlandeli Tengimfene, uLuyanda Sovasi noBenny Pelman bazobanga owemenenja yonyaka.

IXaba Promotions, iShowtime Promotions neReel Steal Promotions bazoncintisana kowomqhathi wezimpi ohamba phambili.

UNtambi Ravele onguSihlalo webhodi yeBSA, uthe konke sekumi ngomumo ngamalungiselelo alo mcimbi obujwayele ukuhambisana nengqungquthela yaminyaka yonke yale nhlangano.

Lo mhlangano bekubhungwa kabanzi kuwona ngezinhlelo zonyaka nezingqinamba ezibhekene nabayingxenye yawo.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.