Bashise umfelokazi befuna imali

2016-07-11 13:34

Durban - Usashaqekile umfelokazi waseNqatheni eMbazwana, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ongenelwe yizigebengu emzini wakhe zifuna imali okuthe uma zingayitholi zamshisa nge-ayina.

Iphephandaba ILANGA libika ukuthi umfelokazi, uNomvula Qwabe, uthi ubone ngabafana abathathu sebengaphakathi ekamereni abelele kulona nomzukulu wakhe ezintathakusa zangoMgqibelo.

Funda nalolu daba: Uboshiwe osolwa ngokudlwengula isihlobo

Uthi kuthe uma sebengaphakathi bamfuna imali wabatshela ukuthi akanayo bathatha umakhalekhukhwini wakhe. Uthi emuva kwalokho bamshaye ngezimpama, bemkhahlela ngaphambi kokuba bamshise nge-ayina.

Okhulumela amaphoyisa uLt Colonel Zwane, usiqinisekisile isigameko wathi kuvulwe icala lokubamba inkuzni esiteshini samaphoyisa kule ndawo kodwa bekungakaboshwa muntu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.