Basinde ngokulambisa abagibeli kudutshulwa ibhasi eMlazi

2016-07-04 08:00

Durban - Uthuthuva luqale ngesikhathi owesilisa oneminyaka engu-60 ubudala esezokwehla ebhasini ntambama ngakwa-R eMlazi ngesikhathi kuqhamuka oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu.

Kusolakala ukuthi bebefuna ukuhlasela owesilisa obephakathi ebhasini, ngenhlanhla akekho olimalile.

OLUNYE UDABA:Kushone ababili kushayisana ibhasi nemoto encane eThekwini

Umshayeli webhasi ukwazile ukufaka amafutha basala kanjalo oshaya sibhamu. Abagibeli besebejabule bethi sekuphelile kanti ababuzanga elangani.

Owesilisa obesola ukuthi oshayasibhamu bebezohlasela yena usukume wakhepha isibhamu wadubula wabulala owesilisa obehleli phambi kwakhe.

Lo mlisa ubesola lo mgibeli ngokumdayisa koshayasibhamu abebehlasela ibhasi. Lo mlisa udilike kwa-M wase ebaleka ngezinyawo, kubika iDailysun.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.