Basinde ngokulambisa osaziwayo bedlwengulwa

2016-11-06 13:41

Durban - Igile isimanga inkosazane ebisho ukusobozela osaziwayo emcimbini obusendaweni yobumnandi iMamas,  eDurban North,  kwabadla izambane likapondo, eThekwini.

Indlela abenza ngayo bekubonakala nje ukuthi igazi ligijima ngamandla, esho ukubagingqa phansi kubuka wonke umuntu.  Indlela isimo ebesishube ngayo kuze kwalamula izidlakela ezingonogada. 

Le nkosazane eligcine lingatholakalanga igama layo ibibonakala ihamba igxavuma "ipayipi lentokozo" kosaziwayo besilisa abebekule ndawo, obekwenzelwe kuyo umcimbi wokwethulwa wokwethulwa kwezingoma ezintsha zikaNaima K.

Nokho ibibukeka njengomuntu oweqiwe ngamankwebevu. UDJ Kotin obedlala kulo mcimbi ubonakale ekhala ubumayemaye, eqeda ukuklwebha amapuleti - ubekhaliswa nguye belu lo wesifazane, esembhudukeza.

Kuthe nje eqeda ukuklwebha amapuleti yamdumela le ntokazi.

"Ngithe ngiqeda ukudlala ngabona usisi omuhle nje futhi obegqoke kahle eza kumina, ngamamukela njengabo bonke abalandeli bami. Kodwa okungethuse kakhulu ngimbone esengibamba engikhotha indlebe, ngithe ngisabheke lokho wabe esefaka isandla sakhe phakathi ebhulukweni engibamba isitho sami sangasese," kulanda uDJ Kotin obekhuluma kuzwakala ukuthi usamangele. 

Eqhubeka nokulandisa leli phephandaba uDJ Kotin uthi lona wesifazane akagcinanga lapho kodwa uphinde wamlandela waze wabalekela endaweni yabakhethiweyo (VIP area). Esephuma futhi eVIP area uthi wethukile esebona yona futhi le ntokazi isibamba abanye  osaziwayo ifuna lona ipayipi lentokozo.

OLUNYE UDABA: Zibakhalele abesifazane abasolwa ngokudlwengula indoda

Lesi sidlamlilo sowesifazane siphinde sadlulela nakuTzozo sambhudukeza, nokuyilapho kuze  kwangenelela khona onogada baseMamas. Onogada bafike eseqaqe ngisho ibhande ebhulukweni likaT'zozo efuna ukuzibambela ithuluzi.

Engxoxweni abe nayo neLANGA LangeSonto uT'zozo ubezwakala engumuntu othukile, evuma ukuthi impela senzekile lesi sigameko.

"Kahle hle, iqale kumina le ntombazane, ifuna ukungidlwengula. Ngisinde ngokulambisa," kusho uT'zozo.

Uthi efika kule ndawo, ufice le ntombazane inamanye ngaphandle, ase ecela ukuba awangenise ngaphakathi. Nebala uthi uwakhulumelile, angena. Ngaphakathi uthi ibilokhu imphuthaza, ifuna ukumqabula.

Uqhuba athi, kuthe ehleli etafuleni, wezwa isingaphansi kwetafula ifuna ukubamba umshini wakhe. Ngaleso sikhathi enye ibimatasa imqabula endlebeni. Lesi sehlakalo uthi sivele samkhumbuza esakamuva esibe yindaba egudwini sowesilisa waseHluhluwe, odlwengulwe ngabesifazane.

UT'zozo ubekhuluma naleli phephandaba esemcimbini obusePhoenix, enyakatho yeTheku lapho bebeyonikelela izingane eziyizintandane izimpahla okuhlanganiswa kuzo izicathulo zesikole, yizingubo nokudla. Ubehambisana nabeRobin Hood Foundation. 
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.