Basola isandla semfene ababukeli ngabawine ohlelweni lukamabonakude

2017-06-15 18:01

Cape Town – Ababukeli abamangele bathi umzuliswano wamanqamu womncintiswano waminyaka yonke iTropika Island of Treasure, osakazwe kuSABC3 “ubuphekiwe” ngemuva kokuthi iqembu lika-Anga Makubalo (NaakMusiQ) kanye noBonginkosi Ndima livele lawina kungalindelekile nalapho libhincisele nxanye iqembu likaSiv Ngesi kanye noKhabonina Shabangu.

Uhlelo lokugcina lwamanqamu aluzange lilisize ngalutho iqembu likaSiv embonweni obulokhu ukhona wokuthi yilona eliqine kakhulu futhi ebelilokhu lisezingeni eliphezulu eziqeshini ezingu-11 ezedlule.

Yize noma iqembu likaSiv Ngesi kanye noKhabonina Shabangu belilokhu likhombisa umoya omuhle wokusebenzisana, ukuzinikela, ukuba namamasela amakhulu kanye nobuchule bokusebenzisa umqondo eziqeshini ezingu-11 ezedlule, kodwa lolu hlelo lokugcina lwakaClover, iTropika Island of Treasure, lushiye ababukeli bekhexile ngesiqephu salo sesi-12 ngoMsombuluko ebusuku.

OLUNYEH UDABA: Sekuqubuke imibuzo ‘ngokubeletha’ komculi wodumo amawele

Iqembu likaSiv likhombise okukhulu ukudideka, libonaka selikulungele ukuhlulwa, futhi lingenasiqiniseko kanye nongabazane, ngesikhathi iqembu lika-Anga lona likhala lemuka nesicoco.

Iqembu lika-Anga alizange liwine ngisho umzuliswano owodwa ngesikhathi kuqhubeka le sizini, kodwa lajika lawina umzuliswano wokugcina.

Ezinkundleni zokuxhumana, ababukeli bagxeke lolu hlelo ngemuva kokuthi bengatholanga umphumela abebewufuna njengoba bekholwa ukuthi uSiv Ngesi kanye noKhabonina Shabangu bebekufanele ukuwina, nalapho beze bathi lolu hlelo”lusikhombise ukuthi ngesikathi abanye besebenza kanzima ukuze baphumelele abanye bavele bakuthole kalula nje kanjalo”.

“Yini lo msangano osanda kwenzeka kowamanqamu… iqembu likaSiv belifanelwe ukuwina”, “I-#TIOT7 ibukeka ikhwatshanisiwe kumina! Uhlelo okwenzeka ngempela… kudingeke luphethe ngokuwina kobengalidelwe,” lokho bekungokunye ukuphawula kwababukeli be-Tropika Island of Treasure.

Usomahlaya, uDonovan Goliath naye uphinde wangeza wathi “Hmmmm kunento engahambi kahle. Kukhwatshanisiwe mhlawumbe.”

Kulindeleke ukuba kube nesiqembu esikhethekile seTropika Island of Treasure Reunion Special ngoMsombuluko mhlaka-19 June ngo-19:30 kuSABC 3.

Zifundele okunye ukuphawula kwababukeli abanganeme lapha ngezansi: 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.