Basonga ukuphenya izinqe umqeqeshi wePirates

2017-09-12 07:04

Durban - Isonga ngokuphenya izinqe uMilton "Micho" Sredojevic ongumqeqeshi we-Orlando Pirates i-Ajax Cape Town uma la makilabhu esebhekene kowe-Absa Premiership ngoLwesibili e-Orlando Stadium.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:30, kubika ILANGA.

UThabo Mosadi odlala esiswini kwi-Ajax, kuke kwavela ukuthi iBucs iyamfuna ngaphambi kokuba ajoyine i-Ajax ekuqaleni kwesizini edlule. Nokho i-University of Pretoria abedlala kuyona ngaleso sikhathi isagijima kwiPremiership ngaphambi kokugencwa yizembe, inqume ukumdayisela i-Ajax.

Lo mdlali uthi bazimisele ngokuqeda nya ukuhlakanipha komqeqeshi wePirates, azitshela ukuthi unakho.

"Sengifunde kaningi ngalo mqeqeshi kwabezindaba, uzenza ingcithabuchopho yasebholeni. Kulo mdlalo sifuna ukumphenya izinqe. Sifuna abone ukuthi ibhola kakuyona into yokudlala. 

OLUNYE UDABA: Uzishaye ngendlebe etsheni umqeqeshi wePirates

"Siyakuqonda ukuthi kasizona izimfivilithi ukunqoba lo mdlalo kodwa sizoshaqisa abaningi sikhipha iPirates esibayeni sayo. Siwuhlomele nxa zonke lo mdlalo futhi kangingabazi ukuthi sizobuya namaphuzu agcwele," kusho uMosadi.

UThabo Qalinge osesithola isikimu kwiBucs uthi ngeke nangengozi i-Ajax ibakhiphe esibayeni sabo.

"Ikhefu ebesinalo lisisizile, sifunde izinto eziningi ebesisele kuzo. Nomqeqeshi sesiyasibamba isitayela sakhe. Indlela afuna idlalwe idinga umuntu oqatha hhayi indaba yokuganga ngoba wonke umuntu uyamaka.

"Ngendlela lo mqeqeshi wethu anolwazi ngayo lwebhola sizokuya kude. Ukuba kudala afika ngabe umuntu ukude ngebhola, wenza izinto ebesizibona zinzima zibe lula. Ngiyawethemba amasu akhe uma sike sangena sagxila esitayeleni sakhe kithina kuzoba nzima ukuthi sihlulwe," kusho uQalinge.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.