Basongela iSundowns ukuyigila ese-Orlando Pirates

2016-11-04 14:31

Durban - Uzibhekise komkhaya izinsongo umdlali weSuperSport United obambe elikhulu iqhaza ekutheni umqeqeshi we-Orlando Pirates asule esigqikini sakhe kule kilabhu.

ISuperSport izobhekana nomkhaya bayo iMamelodi Sundowns kwi-quarter final yeTelkom Knockout ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, kubika iLANGA.

AMatsatsantsa aPitori aya kulo mdlalo nje asanda kuthela ngehlazo iPirates ngo-6-1 emdlalweni weligi ngoLwesibili.

IBucs ibhaxwe maqede umqeqeshi wayo uMuhsin Ertugral wamemezela ukuthi uzofaka incwadi yokwesula ngenxa yokuhlonipha ibheji lale kilabhu.

OLUNYE UDABA: Abadlali abamphoqanga u-Ertugral ukuba ahambe, kusho uKhoza

U-Ertugral umemezele ngokusemthethweni ukuthi usesulile ngoLwesithathu emini.

UReneilwe “Yeye” Letsolonyane odlala esiswini kwiSuperSport, obe nesandla ekutheni lo mqeqeshi esule ngendlela abeyijaha ngayo iBucs, ubhekise izinsongo komkhaya iDowns.

“Okwenzeke emdlalweni wePirates kusethusile kodwa bekufanele ngendlela esiyihlelele ngayo sesibuya ekhefini.

“Umqeqeshi wethu usitshele ukuthi singabaniki intuba yokudlala enkabeni yesisu bese sisebenzisa kakhulu izinhlangothi.

“Nempela senze njalo bavele baphelelwa ushatini. Ngendlela umqeqeshi wethu anamasu ngayo ngiyayidabuka iDowns, uma izosizela ngeziqhomo nayo kukhona okusina kuyijeqeza,” esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.