Bathi abamdingi ekhaya labadala u-Eugene de Kock

2017-07-21 14:00

Durban - Kuthiwa owayeyisikhulu emaphoyiseni ngesikhathi sobandlululo, u-Eugene de Kock, usekhishiwe ekhaya labadala elisePitoli, kubika iThe Citizen.

Lokhu kulandela izikhalazo zabasenzi abangu-50 abansundu abashaye phansi ngonyawo bathi ngeke bamnakekele.

Ngokubika kwephephandaba iSowetan, abasebenzi base-Ons Tuis Retirement Home batshele abaphathi babo ngoLwesithathu ukuthi abakhululekile ngokuba khona kukaDe Kock kule ndawo.

Laba basebenzi bakhala ngokuthi kungani elethwe kule ndawo ngaphandle kokulandela inqubo efanayo neyabanye yokuthi kuhlolwe isimo sabo futhi engekho manafayela omlando wakhe.

OLUNYE UDABA:Ngabe kumele kubuyiswane nabamhlophe?

“Sibona sengathi impilo yethu ayiphephile futhi sibatshelile nabaphathi ukuthi ngeke sikwazi ukumnakekela. Bacabanga ukuthi asiwazi umlando wethu nokuthi wayebenzani abantu abansundu,” kusho laba basebenzi abangafunanga amagama abo adalulwe.

Kuthiwa uDe Kock ushiye leli khaya ngoLwesithathu emini ephelezelwa amadoda ayisithupha ngezimoto ezintathu.

Waphuma ejele ngoshwele ngo-Febhruwari 2015 ngemuva kokuhlala iminyaka engu-20 njengoba wayegwetshwe iminyaka engu-212 ngamacala ayisithupha okubulala, ukuzama ukubulala, ukuhlasela, ukuthumba, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nenkohlakalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.