Bathi akufundeki abafundi abaminyene ekilasini elilodwa

2018-03-07 14:00

Cape Town - Bangaphezu kwabangu-150 abafundi besikole samabanga aphezulu ePhilippi abamashele ePhalamende ngoLwesibili beyozwakalisa izikhalazo zabo ngesimo abafunda ngaphansi kwaso esikoleni kanjalo nokushoda kothisha.

"Singabafundi abangu-52 kwikhonteyina eyodwa (ekilasini). Isimo senza kube nzima ukufunda," kusho omunye wabafundi abenza u-Grade 10 uThembeka Silarwa, lokhu kungokusho kombiko wabeGroundUp.

"Sifuna ukufunda kodwa sifuna ukufunda endaweni engcono. La makhonteyina ayashisa uma ilanga liphumile kanti futhi ebusika amakhaza ashubisa umnkantsha," esho.

"Uma kufanele sibhale izivivinyo sizibhalela ngaphandle, kanti kudingeka ukuthi baqashele umatikuletsheni ihholo abazobhalela kulo."

OLUNYE UDABA:ICosas isisabise ngokuvala u-KFC no-McDonalds njengoba ifuna kwengezwe othisha eKapa

Kusukela ngo-2015 abafundi bakhala ngento eyodwa ngesikhathi bebhikisha amaphoyisa abadubula ngama-stun grenade bekhala ngengqalasizinda.

NgoMashi 2017, abafundi bamashela emahhovisi iMetro South Education District eMitchells Plain befuna isikole esisha abathenjiswa sona.

Kuwo uMashi, bamashela esiShayamthetho sesifundazwe eWestern Cape.

Isikole sinezakhiwo ezingu-17 ezingamakilasi angomahambanendlwana. Asinayo indawo yomtapo wolwazi futhi ayikho nenkundla yezemidlalo. Amakilasi agcwele ayachichima, kusho abafundi.

Omunye umfundi owenza uGrade 10 uSiyanda Gojo, uthe: "Sinothisha oyedwa osifundisa isiXhosa neHistory kodwa kunzima ngoba asimuzwisisi kahle.

"Uthisha wethu weMaths ufika kabili uma sinenhlanhla ufika kathathu ngesonto. Akekho noyedwa kithina ofuna ukuphinda ikilasi yingakho silapha. Sifuna isikole esifana nezinye esinothisha nesakhiwo esicacile," kusho uGojo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.