Bathi zibulawa yindlala izingane zikaSfiso Ncwane

2017-02-09 14:41

Durban - Bakhala ngokuthi zibulawa yindlala izingane zobeyisihlabani somculo we-gospel, uSfiso Ncwane, oshone ngoDisemba ngonyaka ofile, kubika iphephandaba ILANGA.

Izingane okuthiwa zibulawa yinkemane yilezo azithole ngaphandle komshado, okuyindodakazi eneminyaka engu-18 ubudala nendodana eneminyaka engu-12 ubudala, ehlala noyise omkhulu eMthwalume, eningizimu yeKwaZulu-Natal.

USfiso ubenezingane ezinhlanu, ezimbili uzithole emshadweni no-Ayanda Ncwane kanti ezintathu uzithole ngaphandle komshado.

UMzikayise Dlamini, ohlala nendodana kaSfiso, ewumzukulu wakhe, elandisa iphephandaba ILANGA uthe: “USfiso uqale ngokuyiphika le ngane kodwa ngokuhamba kwesikhathi wagcina evumile ukuthi ngeyakhe, wabe eseqala ukuyondla. Ngemuva kokushona kwakhe kuvele kwanqamuka yonke into futhi akekho ongithintayo angazise ukuthi izokondliwa kanjani,” kuchaza uDlamini.

Uveze nokuthi uSfiso ushone esamkweleta imali yenhlawulo.

“USfiso ushona nje bengisafuna sikhulume indaba yokuthi uzongikhokhela kanjani inhlawulo yami njengoba akhulelisa indodakazi yami. Kuthe uma eqala ukondla, ngabona kungcono ngime kancane ngendaba yenhlawulo ukuze ondle kahle ingane yakhe.

OLUNYE UDABA: Bamashele oKhozini abaculi bekhala ngendlala

“Njengamanje angazi ukuthi ngubani ozoqhubeka nokondla le ngane ngoba mina ngiziholela impesheni futhi umama wengane akasebenzi,” kuqhuba uDlamini.

Unina wendodakazi kaSfiso, uNeli Mzelemu, uthi impilo inzima kakhulu njengoba lo mculi engasekho emhlabeni.

“USfiso ushone ekhipha isondlo ngenkantolo. Imali isivele yanqamuka, angazi ngithatheni ngihlanganise nani. Angazi nokuthi ngizokhuluma nobani ngoba u-Ayanda akazibambi izingcingo.

"Kuyimanje ingane ibulawa yindlala, ayinazicathulo, igugelwe, ayinawo ngisho umfaniswano wesikole, ayinalutho nje,” kuqhuba uNeli othi yena akasebenzi.

U-Ayanda kuthiwa akaphendulanga ngesikhathi iphephandaba limthinta, ubengazibambi izingcingo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.