Bathintwa ukuhlekana kwezingane osomatekisi

2018-04-26 16:00

Kokstad - Osomatekisi besifunda saseHarry Gwala ngaphansi kwemboni i-SANTACO bathi okwabaphoqa ukuba basungule uhlelo lokugqugquzela imfundo ngokuthengela izingane umfwaniswano wesikole nezimpahla zokugqoka yingenxa yezigameko zokuhlekana kwezingane uma kukhona ezidatshukelwe ezikoleni. 

USihlalo we-Santaco kulesiya sifunda uKenny Roberts ukhulume kanje emcimbini lapho abebenikeza abafundi ababalelwa kwabangu-656 imifaniswano wesikole kulesiya sifunda.

Lo mcimbi ubuqhubeka eHighflats eningizimu yesifundazwe saKwaZulu-Natal lapho izingane, othisha, abazali kanye nosopolitiki bejabule kwaphela nasozwaneni. 

OLUNYE UDABA:Ushisa phansi umbango wamapulazi ka-R45m

Izingane ezimbili uSimnikiwe Sithole noLikhona Hadebe ezifunda amabanga aphansi eSt Faith kanye naseMaria-trophy kazikwazanga ukuzibamba izinyembezi ngesikhathi zizibona sezigqoke inyufomu entsha.

Zibonge abe mboni iSantaco ngoba zikhala ngokuthi abazali bazo abasebenzi njengoba bezilokhu zigqoka inyufomu egugile. 

URoberts uthi ukugqugquzela lolu hlelo lungenye yezindlela zokugqugquzela ukufunda ezinganeni ezisakhula nokuzama ukuvala igebe phakathi kwezingane eziphuma emindenini ehlwempu naleyo edla izambani likapondo. 

"Sihlangabezane nezigameko eziningi kakhulu ngesikhathi siqala loluhlelo lapho uthola ukuthi ezinye izingane zishiya izikole zincamela ukuhlala emakhaya ngoba zihlekwa ezinye izingane ngokugqoka inyufomu egugile," usho kanje. 

Uthi lokhu abakubhekisanga ezinganeni kuphela njengoba begqugquzela imfundo nakubona bengosomatekisi njengoba kwaziwa ukuthi imfundo kayigugelwa.

"Siyafuna nabashayeli bethu basithande isikolo kuphele leyo miqondo yokuthi izimboni zamatekisi izimboni zodlame," kusho uRoberts. 

Imeya yomkhandlu uBuhlebezwe uZamo Nxumalo ulincome kakhulu iqhaza losomatekisi wanxenxa nezinye izimboni ukuthi zibe negxathu elikhulu ezilidlalayo ezinhlelweni zomphakathi nohulumeni ukuze elakuleli libe nekusasa eliqhakambile.  



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.