Bathole isigwebo esiqinile ababoshelwa ukweba amakhebula

2017-10-24 18:00

Pretoria - Bagwetshwe iminyaka eyishumi ejele abantu abathathu ngoklweba amakhebula, ngaphandle kokunikwa ithuba lokukhokha inhlawulo, kusho abakwaPassenger Rail Agency of South Africa (Prasa) ngoLwesibili.

NgoMashi, la madoda abanjwa ngamalungu ethimba lonogada bakwaPrasa edonsa amakhebula ngasemathuneni aseLongdale eya nawo ngaseNew Canada Crown.

La madoda aboshwa ngemuva kokutholakala namakhebula ebiwe.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe amaphoyisa ngezonsolo zokweba amakhebula

Uphenyo lwathola ukuthi abasolwa babefuna amakhebula ahamba ngaphansi komhlabathi, bewamba ngamafosholo nangamapiki baphinde besebenzisa nesaha.

AbakwaPrasa bathe ukwebiwa kwamakhebula kwaholela ekutheni kubambezeleke ukuhamba kwezitimela enzingu-11 ngemizuzu engu-366 ngezikhathi zebhizi zasekuseni, abakwaMetrorail balahlekelwa imali elinganiselwa ku-R3 million ngenxa yokwebiwa kwamakhebula endaweni.

Jikelele, abakwaMetrorail balahlekelwa imali engu-R51.4 million phakathi kwangomhlaka-1 Ephreli 2015 nomhlaka-30 Septhemba 2017 ngenxa yokwebiwa kwamakhebula nokucekelwa phansi kwempahla. 


 - eNCA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.